settings icon
share icon
Umbuzo

Lithini iBhayibheli ngamakhosikazi abafundisi nabashumayeli?

Impendulo


Sikholwa ukuthi akusana kuphikasana okukhulu emabandleni namhlanje ngendaba yokuthi amakhosikazi angavunyelwa yini ukuba abafundisi noma abashumayeli. Ngokunjalo singayiboni lendaba njengekuphikisana phakathi kwamadoda namakhosikazi. Kukhona amakhosikazi akholwa ukuthi owesimame akuvunyelwa ukungena esikhundleni sokuba ngumfundisi ngoba iBhayebheli lisinika imibandela ethize, kanye futhi kukhona amadoda akholwa ukuthi amakhosikazi akavunyelwe ukuba babe sesikhundleni sobufundisi futhi iBhayibheli alinawo umbandela. Lena akusiyona indaba yobandlululo kodwa inchazelo yezwi lika Nkulunkulu.

Izwi likaNkulunkulu lithi owesifazana makafunde ukuthula. Ungivumeli owesifazane ukuba afundise noma abengaphezu kowesilisa; Kufanele afunde athule (1 uThimothewu 2: 11 12). Abandleni uNkulunkulu unikeza wonke umuntu imisebenzi ehlukene abesilisa nabesifazane. Yiyo indlela umuntu wadalwa ngayo futhi isono sangena ezweni (1 uThimetewu 2: 13 14) uNkulunkulu ngoMphostoli uPhawula wenqabela amakhosikazi ukufundisa noma ukuba nesikhundla sikamoya phezu kwewesilisa. Lokhu kukhipha amakhosikazi ukuba angangeni esikhundleni sokuba umfundisi, okuvalela amakhosikazi ngaphandle ukuba bangashumayeli noma ukufundisa nokuba negunya lokuphatha kwezikamoya phezu kwamadoda.

Kukhona ukuphikasana okuningi ukubheka owesifazane emsebenzini weNkosi. Ejwayekile uPhawula akavumeli ukuba amakhosikazi afundise ngoba kokuqala mandulo amakhosikazi bekanganayo imfundo, beba ngamaqaba. Kodwa ke, 1 uThimothewu 2: 11 14 akukho lapho izwi leNkosi likhuluma ngemfundo. Uma imfundo bekuyindlela yokungena emsebenzini weNkosi, abafundi bakaJesu babengeke babe negunya lokungena emsebenzini weNkosi. Okwesibili futhi uPhawula uvimbela kuphela amakhosikazi aseEfesu kuphela. (1 incwadi ka Thimothewu yayibhalelelwe yena uThimothewu owaye ngumfundisi ebandleni lase Efesu). Umuzi wase Efesu wawazeka ngetempeli lase Arethemiyo, isithixo somkhohlisi soMgrigi / umRoma. Amakhosikazi bebanamagunya namandla enkonzwenu yama Arethemiyo. Kodwa ke incwadi kaThimothewu ayikhulumi lutho ngenkolo yaseArethemiyo futhi uPhawula akasitsheli lutho ngalombandela. Ku 1 Thimothewu 2: 11 12.

Okwesithathu ukufanele sikuqaphele uPhawula ukhuluma ngonkosikazi nomyeni hayi amadoda namakhosikazi. Ngesi Griki uma ukhuluma ngenkosikazi nomyeni:incazelo yakhona isho amadoda namakhosikazi. Uma siqhubeka wona lamagama esiGriki asetshenziswe ku vesi lika 8 10. Khuluma ngamadoda aphakamisa izandla ezimhlophe ezingenaso isiqi akhuleke kuNkulunkulu futhi anganayo inthukuthelo (vesi 8)? Amakhosikazi makaqoke ngokuhlonipha, abenemisebenzi emihle, bamkhonze uNkulunkulu (Vesi 9 -10) Ngempela alisho lokho. Ivesi 8 10 liqondisa kuwo onke amadoda nabesifazane, hayi amakhosikazi nabayeni. Kulesi sahluko akukho okuchaza noma okuqondisa kumyeni nonkosikazi 11 14.

Kodwa ke uma silifunda njalo iBhayebheli sithola amakhosikazi athile emsebenzini weNkosi ayesesikhundleni sobuholi. nje ngabo Miriam, Deborah, nabo Hulida eTastementeni elidala. Loku kuphikisana kumelana namaphuzu abalulekile. uDeborah wayengumahluleli phakathi kwabahluleli abangu 13 abesilisa. uHhulida wayengumprofethikazi wesifazane phakathi kwabaprofethi abaningi abakhona ezwini leNkosi. u Miriam yena uhlangana nobuholi ngoba engudade kaMose no Aroni. Amakhosikazi avelele ngesikhathi samakhosi wase Athaliya no Jezebeli bavela njengonkulunkulu besifazane ebuholini babo. Akuvela ngokugqamile, nomake, igunya labasifazane eTastementini elidala ukusilona iphuzu elimqoka. Incwadi yokuqala kaThimothewu kanye nezinye izincwadi ebandleni Elisha umzimba kaKrestu lenguquko isikhombisa igunya lomzimba nesakhiwo sebandla, hayi kusizwe sakaIsrayeli noma eminye imizimba yeTastementi elidala.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Lithini iBhayibheli ngamakhosikazi abafundisi nabashumayeli
© Copyright Got Questions Ministries