settings icon
share icon
Umbuzo

Ingabe iBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu ngokweqiniso na?

Impendulo


Impendulo yethu yalombuzo ayizukuveza nje kuphela indlela esemqoka ngayo iBhayibheli ezimpilweni zethu, kodwa nendlela ethinta ngayo impilo yethu ngokwaphakade. Uma iBhayibheli liyiliZwi likaNkulunkulu ngempela, ngalokho ke sifanele ukulihlonipha, silidadishe, silithobele, futhi silethembe ngokuphelele. Uma iBhayibheli liyiliZwi likaNkulunkulu ukulidebesela lona kusho ukudebesela uNkulunkulu uqobo Lwakhe.

Ukuthi uNkulunkulu wasipha iBhayibheli, kuyinkomba yothando Lwakhe kithi. Igama elithi isambulo lisho ukuthi uNkulunkulu wazambula kubantu ukuthi yena unjani nokuthi futhi singabuthola kanjani ubudlelwane obulungile Naye. Lezizinto besingenakuzazi ukuba uNkulunkulu akazambulanga kithi ngeBhayibheli. Noma ngabe ukuzambula kukaNkulunkulu eBhayibhelini kwenzeka ngezikhathi ezingaba ngaphezu kweminyaka engama 1500 eyadlule, kodwa isaqukethe konke okudingwa nguMuntu ukuba amazi uNkulunkulu ukuze abe nobudlelwane obulungile Naye. Uma ngabe iBhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu ngokweqiniso, ngakho ke liyisishayamthetho ezindabeni eziphathelene nokukholwa, enqubeni yenkolo nsekuziphatheni kahle.

Umbuzo esifanele ukuzibuza wona ngowokuthi, singaqiniseka kanjani ukuthi iBhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu hhayi incwadi nje enhle? Yini eyenza iBhayibheli yehluke ezincwadini ezinye nje zezinkolo ezahlukeneyo ezike zabhalwa? Bukhona yini ubufakazi obungaqinisekisa ukuthi iBhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu? Lena yimibuzo efanele ukubhekisiswa uma sifuna ukuqinisekisa lenkulumo ethi iBhayibheli liyiLizwi qobo likaNkulunkulu, liphefumulelwe Nguye, futhi lilungele ngokuphelele ukuqondisa izindaba zokukholwa nokuhamba ekukholweni.

Akunakuthandabuzwa ngokuthi iBhayibheli liyazisho lona ukuthi lilyiLizwi likaNkulunkulu. Lokhu kungabonwa encwadini II KuThimothewu II 3:15-17 lapho kuthi khona, kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

Ukuze siphendule lemibuzo sifanele sibhekisise ubufakazi ngaphakathi nangaphandle obufakazela ukuthi iBhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu. Ubufakazi obungaphakathi yilezo zinto eziphakathi eBhayibhelini ezifakazela ukuvela kwalo ngokwemvelo kaNkulunkulu. Ubufakazi obunjalo ke bokuqala bubonakala ekubenimunye noma ekubumbaneni kwayo iBhayibheli. Noma ngabe iBhayibheli yakhiwe ngezincwadi ezingama 66 ezizimele, zibhalwe zatholakala emazwenikazi amathathu, zibhalwe ngezilimi ezintathu ezahlukene, futhi ibhalwe ngaphezu kweminyaka engama 1500, yabhalwa ngababhali abagaphezu kuka 40 (beqhamuka ezindaweni ezahlukene), iBhayibheli yilona lodwa elinokubumbana kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni ngaphandle kokuziphikisa. Lolubumbano lwezincwadi lwenza iBhayibheli yehluke kwezinye izincwadi kube ngubufakazi bemvelo yokulotshiwe yilabobantu ababeqhutshwa nguNkulunkulu ukubhala amazwi Akhe.

Obunye ubufakazi bangaphakathi obuqinisa ukuthi Ibhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu bubonakala eziprofethweni ezibhaliwe kuyo. IBhayibheli liqukethe iziprofetho eziningi eziqondene nekusasa lezizwe ngezizwe okufaka nezwe lakwaIsrayeli kuze kube yikusasa lamadolobha athize, nekusasa labantu bonke, nokubuya kwalowo oyakuba uMesiya, uMsindisi hhayi kaIsrayeli kuphela kodwa yabo bonke abakholwa Nguye. Iziprofetho zeBhayibheli ziphelele futhi ziyagcwaliseka, azifanani nalezo ezitholakala kwezinye izincwadi zezinkolo ezinye noma lezo ezake zenziwa yindoda eyayibizwa ngokuthi u Nostradamus. Zingaphezu kwamakhulu amathathu iziprofetho ngoJesu Kristu eTestamenteni elidala nje lodwa. Akuprofethwanga nje kuphela lapho wayeyozalelwa khona nomndeni wayezoqhamuka kuwo, kodwa nokuthi uyokufa kanjani nokuthi uyovuka ngosuku lwesithathu. Ayikho ke indlela elula nje engachaza ngalokhu kugcwaliseka kwaleziziprofetho eBhayibhelini ngaphandle kokuthi kwenziwa ngokwasezulwini. Ayikho incwadi yankolo thize enalelikhono nokujula kweziprofetho ngaphandle kweBhayibheli.

Ubufakazi besithathu obungaphakathi eBhayibhelini obukhomba imvelaphi yalo bubonakala emandleni nokuba yisishayamthetho ngokungathandabuzwa. Noma ngabe lobubufakazi bungabonakala ingathi buvela ohlangothini olulodwa noma nganxanye kunalobo osekukhulunywe ngabo, nabo bunamandla okufakazela imvelaphi yeBhayibheli. IBhayibheli linokuba yisishayamthetho ukweqa zonke ezinye izincwadi zezinkolothize ezike zabhalwa. Lokhu kubonakala ngenedlela izimpilo eziningi eziguqulwe ngayo ngofunda nje iBhayibheli. Ababanjwe yizidakwa mizwa bakhululiwe, izoni ziqondiswa yilo, izigelekeqe ziguqukile, nenzondo iphendulwe uthando ngokulifunda iBhayibheli. Lokhu kukhomba ukuthi iBhayibheli linamandla aguqulayo ngoba liyiLizwi likaNkulunkulu.

Ngaphandle kwalobubufakazi obutholakala ngaphakathi eBhayibhelini bokuthi liyiLizwi likaNkulunkului, kunalobo obutholaka ngaphandle. Obokuqala ubufakazi ngumlando walo iBhayibheli. Ngokuba iBhayibheli ligcwele umlando ngezinto eziningi, lomlando ungalandelelwa uhlolwe ubuqiniso bawo njengazo zonke ezinye izincwadi zemilando. Ekusetshenzisweni kohlelo loqinisekisa umlando ngokumba izinto eziqgibekileyo nalokho okubhaliwe, umlando obhalwe eBhayibhelini ufunyanwe uyiqiniso ezikhathini eziningi. Futhi lobubufakazi yibona obenza iBhayibheli libe yincwadi ebhalwe ngokujula nokuhleleka ngomlando wezizwe kanye nempilo eseyadlula. Lokhu kwenza ukuba iBhayibheli livele liyiqiniso maqondana nezindaba zabakholwayo, nezimfundiso, futhi lokhu kugcwalisa ukuthi liyiLizwi likaNkulunkulu.

Obunye ubufakazi obungaphandle obuqinisa ukuthi iBhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu wubuqotho balabobantu ababhala lona iBhayibheli. Njengoba sike sasho, uNkulunkulu wasebenzisa abantu ababevela ezindaweni ezahlukeneyo ukuba babhale amazwi Akhe. Uma ke sicubungula izimpilo zalabobantu, asikho isizathu esingenza sibangabaze ukuthi babengathemebekanga. Uma sibhekisisa impilo yabo futhi siqaphela nokuthi babelungele nokufa (ukufa ngesihlungu) befela lokho ababekholelwa kukho, kuyakhnya ukuthi laba bantukazana nje kodwa ababethembekile babekholelwa ukuthi uNkulunkulu wayekhulumile kubo. Amadoda ayebhala iTestamente elisha namakholwa amanye amaningi (KwabaseKorinte 15:6) balazi iqiniso lenshumayelo yabo ngokuba babembonile futhi babehlezi naye uJesu Kristu emvakokuvuka Kwakhe ekufeni. Lenguquko yokubona uKristu oVusiwe kwaba nensayeya enkulu kulamadoda. Basuka ekucasheni ngokwesaba baba ngabalungele ngisho ukufa ngalokho uNkulunkulu ayekwambule kubo. Izimpilo nokufa kwabo kuyafakaza ukuthi iBhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu.

Ubufakazi bokugcina obuqinisekisa ukuthi iBhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu wukungapheliswa kwayo iBhayibheli. Ngokuba iBhayibheli imqoka nokuthi ke izisho ukuba iyiLizwi likaNkulunkulu ibhekane nokuhlaselwa nokwezama ukuyiqeda kunazo zonke izincwadi ezikhona. Kusukela kubaPhathizwe baseRoma abanjengo Diocletian, kuya kuma Khomanisi kuze kube kulabo abazibiza ngokuthi abangenankolo banamuhla, iBhayibheli limi kuze kube namuhla ikhiqizwa kakhulu emhlabeni wonke.

Ezikhathini zonke kuze kube namuhla kunalabo abangakholelwa eBhayibhelini, bona balithatha nje ngokuthi yincwadi yemizekeliso, kodwa uhlelo lomlando walokho okumbiwe phansi luayqinisekisa ukuthi ingumlando oyiqiniso. Abaphambene nalo bahlasela ukufundisa kwalo bathi lisemumva futhi liphelelwe yisikhathi, kodwa ukufundisa kwalo ngokulunga nobuqotho kube nemiphumela emihle kulo lonke uluntu namasiko emhlabeni wonke. Nanamuhla iBhayibheli isahlaselwa ngosoSayensi, abfunda inqgondo nabezepolitiki, kodwa lisasho lona leoqiniso lasendulo eliyiqiniso nakulesisikhathi. Lean yincwadi eseyiphendule izimpilo zabantu kuyo yonke leminyaka eseyedlule i 2000. Noma ngabe labo abaphambene nayo beyihlasela kanjani, bezama ukuyibhubhisa, iBhayibheli iyilokhu inamandla futhi iyiqiniso efanelwa nayiso lesisikhathi njengoba yayinjalo. Ukuhleleka nokuqinisa kwayo kusenjalo, okufakazela khona ukuthi liyiLizwi likaNkulunkulu. Kungasimanaglisi ke ukuthi noma iBhayibheli lihlaselwa kangaka, lisenjalo alishintshi, alipheliswa. UJesu wathi ngalo, kuyakudlula izulu nomhlaba, kepha amzwi ami akayikudlula (NgokukaMarku 13:31). Emva kokulandela nokubukisisa bonke lobufakazi, umuntu akathandabuzi ukusho ukuthi Yebo iBhayibheli liyiLizwi likaNkulunkulu ngokweqiniso.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ingabe iBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu ngokweqiniso na
© Copyright Got Questions Ministries