settings icon
share icon
Umbuzo

Ingabe ikhona impilo emva kokufa na?

Impendulo


Ingabe kukhona ukuphila emva kokufa? IBhayibheli isitshela ukuthi, Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza. Uyavela njengembali, abune, ubaleka njengethunzi angemi.Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? (UJobe 14:1-2, 14).

NjengoJobe, iningi lethu liyazibuza lombuzo. Ngempela kwenzekani kithi uma sesifile? Ingabe sivele siphele nje? Ingabe ukuphila kunjengomnyango wokuphuma nokungena emhlabeni ukuze sithole ukudlondlobala? Ingabe sonke siya endaweni eyodwa, noma siya ezindaweni ezahlukene? Ingabe likhona ngempela izulu nesihogo, noma ukucabanga nje ngengqondo noma yisimo?

IBhayibheli isitshela ukuthi akusikho ukuphila kuphela okukhona emva kokufa kodwa kunempilo yaphakade engcwelengcwele, lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo. (1 KwabaSekorinte 2:9). UJesu Kristu, uNkulunkulu enyameni, weza emhlabeni ukusipha lesisipho sokuphila okuphakade. Yebo, walinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu, yachotshozwa ngobubi bethu; isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula, nangemivimbo yakhe siphilisiwe thina. (UIsaya 53:5).

UJesu wathatha isijeziso esasifanele thina, wanikela njengomhlatshelo ukuphila kwakhe. Emva kwezinsuku ezintathu, waziveza engumnqobi phezu kokufa ngokuvuka ethuneni, emoyeni nasenyameni. Wahlala emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane wabonwa ngabantu abaningi ngaphambi kokuba enyukele ekhaya lakhe ezulwini. KwabaseRoma 4:25 ithi, owanikelwa ngenxa yeziphambeko zethu, wavuswa ngenxa yokulungisiswa kwethu.

Ukuvuka kukaKristu kwafakazelwa emibhalweni eminingi. UmPhostoli uPawulu wanika insayeya kubantu ukuba bafune ubufakazi kulabo ababengofakazi ngokuvuka Kwakhe, kodwa akubanga namunye owabuthola ukuphikisa lamaqiniso. Ukuvuka kukaJesu Kristu kuyitshe legumbi enkolweni yobuKristu; ngoba uKristu wavuswa kwabafileyo, nathi ke sinokukholwa ukuthi siyovuswa.

UPawulu wawaxwayisa ngokuwasola amaKristu asendulo ayenokungabaza ngalokhu kuvuka: Kepha ke uma uKristu eshunyayelwa ukuthi uvusiwe kwabafileyo, basho kanjani abanye phakathi kwenu ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo na? Kepha uma kungekho ukuvuka kwabafileyo, ukushumayela kwethu kuyize, nokukholwa kwenu kuyize. (1 KwabaSekorinte 15:12-13).

Kepha kalokhu Ukristu uvusiwe kwabafileyo, engulibo lwabaleleyo. Ngokuba lokhu ukufa kweza ngomuntu, ukuvuka kwabafileyo nacho kweza ngomuntu. Ngokuba njengalokhu kuAdamu bonke bayafa, ngokunjalo futhi kuKristu bonke bayakuphiliswa. (1 KwabaSeKorinte 15:20-22). Kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe. (1KwabaSekorinte 6:14).

Noma ngabe sonke siyakuvuswa, kodwa akusho ukuthi sonke siya ezulwini kanyekanye. Ukuzikhethela kufanele kwenziwe ngumuntu eyedwa kulokhukuphila ukuze azi ukuthi uzoyaphi lapho azochitha ingunaphakede lakhe khona. IBhayibheli lithi: Futhi njengalokhu kumiselwe abantu ukuba bafe kanye, emva kwalokhu ukwahlulelwa. (KuMaheberu 9:27). Bonke abalungileyo baya ekuphileni okuphakade eZulwini, kodwa abangakholwa baye ekujezisweni okuphakade. (NgokukaMathewu 25:46).

Isihogo, njengezulu, akusiso isimo sendawo kodwa yindawo ekhona ngempela. Yindawo lapho abangalungile bayobhekana khona nolaka olunganqamukiyo lukaNkulunkulu. Bayawuzwiswa ukuhlukumezeka okukhulu emoyeni nasenyameni.

Isihogo sichazwa njengomgodi ongenamkhawulo (NgokukaLuka 8:31; Isambulo 9:1), nechibi lomlilo, elivutha isibabule, lapho abahlala khona bayohlushwa imini nobusuku phakade naphakade (Isambulo 20:10). Esihogweni, kuyobakhona ukukhala nokugedla kwamazinyo, okuyoba kukhombisa ukukhazeka nobuhlugu, nentukuthelo ejulile (NgokukaMathewu 13:42). Yindawo lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi. (NgokukaMarku 9:48). UNkulunkulu akayithandi lendlela yokubhujiswa kwababi, kodwa ufisa ukuba baphenduke ezindleleni zabo ezimbi ukuze bangabhubhi, baphile. (UHezekeli 33:11). Kodwa ke akaphoqeleli muntu; uma siqoka ukumphika Yena uyasiyekela sithole lokho esikufunayo- okungukwehlukana nokuphila ngaphandle kwakhe.

Impilo lapha emhlabeni iyinsayeya isilungiselela lokho okuzayo. Kwabangamakholwa ukuphila okuphakade ebukhoneni bukaNkulunkulu. Manje ke silungisiswa kanjani size sithole lokhu kuphila okuphakade na? Yinye indlela yokwenza lokho ukukholwa nokwethemba eNdodaneni kaNkulunkulu, uJesu Kristu. UJesu uthi, Mina nginguvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. Nalowo ophila akholwe yimi, kasoze afa naphakade.... (NgokukaJohane 11:25-26).

Isipho sokuphila okuphakade ngesawo wonke umuntu, kodwa kudingeka ukuthi sidele izinto zalomhlaba sibe ngumhlatshelo kuNkulunkulu. Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe. (NgokukaJohane 3: 36. Akukho ukuphenduka ngale kwethuna ngokuba uma sesibonana noNkulunkulu ubuso nobuso, siyobe sesiphoqelekile ukukholwa Nguye. Yena ufuna size Kuye ngokukholwa nothando sisengapha. Uma sikwamukela ukufa kukaJesu Kristu njengenkokhelo yokumelana kwethu noNkulunkulu okuyisono, sinesiqiniseko ngempilo enhle nokuphila okuphakade ebukhoneni bukaKristu.

Uma ufuna ukwemukela uJesu Kristu njengoMsindisi wakho, shano lomthandazo olandelayo: Khumbula ukuthi ukusho lamagama noma amanye afana nawo angeke kukusindise esonweni. Ukwethembela kuJesu Kristu ngokuphelele okungakukhulula esonweni. Lomthandazo yindlela nje elula yokuthululela kuNkulunkulu ukukholwa kwakho nokumbonga ngokukupha insindiso. Thandaza ke uthi:"Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje isono sami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nokuthethelela okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ingabe ikhona impilo emva kokufa na
© Copyright Got Questions Ministries