settings icon
share icon
Umbuzo

Ingabe uJesu unguNkulunkulu na? Ingabe uJesu wake wazisho yini ukuthi unguNkulunkulu?

Impendulo


Akukho lapho kubhalwe khona eBhayibhelini lapho uJesu elikhipha ngembaba khona ukuthi, nginguNkulunkulu. Kodwa lokho akusho ukuthi akakuvezanga noma akashongo ukuthi unguNkulunkulu. Isibonakaliso salokhu amagama uJesu awasho encwadini ngokukaJohane 10:30, Mina noBaba simunye. Uma ungawanakile lamagama angeke usho vele ukuthi uJesu uzisho ukuthi unguNkulunkulu. Kodwa, uma ubheka indlela abaJuda awathatha ngayo lamagama uma bathi, asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu (NgokukaJohane 10:33). AbaJuda bawaqonda amagama kaJesu ukuthi uzisho Yena ukuthi unguNkulunkulu. Ezindimaneni ezilandela lawo magama, uJesu akabaphikisi noma abaqondise abaJuda ngokuthi, angizange ngizisho mina ukuthi nginguNkulunkulu. Lokho kusho ukuthi uJesu ngokwempela wayesho njalo ukuthi Yena unguNkulunkulu ngokusho lamazwi athi, Mina noBaba simunye (NgokukaJohane 10:30). Esinye isiboniso sitholakala encwadini NgokukaJohane 8:58 lapho uJesu athi khona, Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini engakabikho uAbrahama, ngangikhona mina. Baphinda abaJuda bafuna ukumkhanda ngamatshe uma bezwa lamagama (NgokukaJohane 8:59). Yingani abaJuda befuna ukumkhanda ngamatshe uJesu uma ubengashongo amazwi ayebenza bakholelwe ukuthi uyahlamabalaza ngokuzisho ukuthi Yena unguNkulunkulu na?

NgokukaJohane 1:1 kuthiwa uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. NgokukaJohane 1:14 kuthi khona, uLizwi waba yinyama. Lokhu kusibonisa ngokusobala ukuthi uJesu unguNkulunkulu enyameni. Izenzo 20:28 isitshela lokhu, nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngagazi Lkahe. Ngubani ke othenge ibandla ngegazi lakhe? NguJesu Kristu. Izenzo 20:28 lisivezela ngokusobala ukuthi uNkulunkulu wathenga ibandla ngegazi Lakhe. Ngalokho ke uJesu unguNkulunkulu!

UMfundi kaJesu uTomase washo lamazwi ngoJesu, Nkosi yami, Nkulunkulu wami (NgokukaJohane 20:28). UJesu akamphikisanga noma akezamanga ukumqondisa kulokho. KuThithu 2:13 siyakhuthazwa ukuba silindele ukubuya kukaNkulunkulu noMsindisi wethu uJesu Kristu (Naku II kaPetru 1:1). KuMaheberu 1:8, uNkulunkulu uBaba usho lokhu ngoJesu, Kepha ngeNdodana uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

Encwadini yeSambulo, ingelosi yayaleza uMphostoli uJohane ukuba akhonze uNkulunkulu yena Yedwa (Isambulo 19:10). Kaningi eMbhalweni uJesu wamukela ukukhonzwa (NgokukaMathewu 2:11; 14:33; 28:917; NgokukaLuka 24:52; NgokukaJohane 9:38). Akazange (UJesu) abenqabele abakhuze abantu ngokuthi bamkhonzelani. Uma ke uJesu ubengeyena uNkulunkulu, ngabe wabanqabela abantu ukuba bamkhonze, njengoba lengelosi yenza encwadini yeSambulo. Kunezindimana eziningi emBhalweni ezikhuluma kabanzi ngobuNkulunkulu bukaJesu.

Isizathu esisemqoka sokuba uJesu kumfanele ukuba nguNkulunkulu yilesi sokuba uma ubengesiye uNkulunkulu, ukufa Kwakhe ingabe akwanele ukuhlawulela inhlawulo yezono zezwe (I KaJohane 2:2). NguNkulunkulu kuphela obengathwala izono zezwe (II KwabaSekorinte 5:21), afe futhi abuye avuke ebonisa ukunqoba kwakhe phezu kwesono nokufa.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ingabe uJesu unguNkulunkulu na? Ingabe uJesu wake wazisho yini ukuthi unguNkulunkulu
© Copyright Got Questions Ministries