settings icon
share icon
Umbuzo

Incazelo yempilo iyini na?

Impendulo


Ingachazwa ngokuthi iyini impilo? Ngingayithola kanjani injongo, ukugcwaliseka, nokweneliseka empilweni? Ingabe nginakho yini kimina ukuba ngingaphumelela ukwenza utho olusemqoka? Abaningi abantu bacanga bengaqedi ngokuthi impilo iyini, isho ukuthini. Babheka emumva eminyakeni eyadlule bangaqondisisi ukuthi ubudlelwane babo bubhidlike kanjani, nokuthi bazizwele benganelisekile yize bakutholile konke ebebefise ukukwenza. Omunye wabadlali abadumile bomdlalo wekhilikithi wake wabuzwa ukuthi yini nje ayefisa ngathi wayengatshelwa mhla eqala ukudlala lomdlalo. Waphendula wathi, ngifisa ingathi ngabe kokhona owangitshela ukuthi uma suwufike phezulu, akukho lutho olukhona ngale. Izifiso eziningi ziveza ubuze bazo emva kweminyaka eminingi umuntu ezilandela.

Esintwini sethu, abantu abaningi baxoshana nezinjongo eziningi becabanga ukuthi kuzo bazothola incazelo. Ezinye zalezi zinjongo nezifiso yilezi: yimpumelelo emabhizinisini, yingcebo, ubudlelwane obuhle, ezocansi, ukuzijabulisa, ukwenzela abanye okuhle, nokuningi okunjalo. Abantu bayafakaza nokho ukuthi ekuxosheni nasakutholeni lezizinto baselokhu bezithola bengenakweneliseka ingathi kunomgodi ongagcwalisekiyo.

Umbhali wencwadi yoMshumayeli ukhuluma ngalesi simo sempilo uma ethi, Ize lezekonke kuyize. Lombhali wayecebe ukwedlula, wayenenhlakanipho ejulile, enabafazi abangamakhulukhulu, izigodlo nezingadi ezazidlula zonke emhlabeni, enokudla newayini, nokuningi ayezijabulisa ngakho. Kodwa ngesinye sezikhathi wathi, konke okufunwa yintliziyo yakhe wakufunisisa. Wafika lapho ethi khona, ngempilo phansi komthunzi welanga (impilo ephilwa ingathi impilo isho lokho esikubonayo nesikuzwayo ngemizwa yethu) ayisho lutho. Yini kube nalesisikhala na? Yingoba uNkulunkulu wasidalela okungaphezu kwalokhukuphila. USolomoni wathi ngoNkulunkulu, ubekile ingunaphakade ezintliziyweni zabantu. Ezintliziyweni zethu sinakho futhi siyazizwela ukuthi lokhu kuphila kwesikhashana akusikho kona ngempela.

Encwadini ka Genesise, eyona ingeyokuqala eBhayibhelini sithola ukuthi uNkulunkulu wadala abantu ngomfanekiso wakhe (UGenesise 1:26). Lokhu kusho ukuthi thina sifana noNkulunkulu kunezinye izinto ezikhona. Futhi sithola ukuthi ngaphambi kokuba uMuntu awele esonweni nesiqalekiso okwaqalekiswa ngaso umhlaba, lokhu okulandelayo kwakuyiqiniso: (1) UNkulunkulu wenza uMuntu ukuba abe yisidalwa sobudlelwane (UGenesise 2:18-25); (2) UNkulunkulu wanikeza uMuntu umsebenzi (UGenesise 2:15); (3) UNkulunkulu wayenobudlelwane noMuntu (UGenesise 3:8); (4) UNkulunkulu wabeka uMuntu ukuba abuse phezu komhlaba (UGenesise 1:26). Yini ubumqoka balezizinto na? Ngiyakholwa ukuthi uNkulunkulu wayejonge ukuthi kunye ngakunye kwalezizinto kusisize ukuba sibe nokugcwaliseka ezimpilweni zethu, kodwa zonke lezizonto (ikakhulu ubudlelwane boMuntu noNkulunkulu) zathikamezeka ngokuwela esonweni koMuntu okwaholela ekubeni umhlaba ube phansi kwesiqalekiso (UGenesise 3

Encwadini yeSambulo, incawdi yokugcina eBhayibhelini, ekugcineni kwezigigaba zokugcina eziningi, uNkulunkulu waveza ukuthi uzobhubhisa lomhlaba namazulu esiwaziyo bese uletha iphakade ngokudala izulu elisha nomhlaba omusha. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu uzobuyisela ubudlelwane obuphelele nabantu abasindisiweyo. Abanye balabobantu bayobe behlulelwe batholakala befanelwe ukulahlwa echibini lomlilo (ISambulo 20:11-15). Isiqalekiso sesono siyakususwa; isono asisayikuba khona, usizi, nokugula, nokufa, nobuhlungu (ISambulo 21:4). Abakholwayo bayakunikezwa konke kube yifa labo; UNkulunkulu uyakuhlala nabo, bayakuba ngabantwana Bakhe (ISambulo 21:7). Ngalokho ke, sijphenduka ngokuphelele ngalokhu ukuthi uNkulunkulu wasidalela ukuba sibe nobudlelwane Naye; uMuntu wawela esonweni, wabhidliza lobobudlelwane; uNKulunkulu ububuyisela ngokuphelele ingunaphakade kulabo abangabakhe. Manje ke ukuba ungaphila kulempilo uthole konke okufisayo, kodwa ufe wahlukene noNkulunkulu ingunaphakade kuwukusebenzela ize! Kodwa uNkulunkulu wenze indlela, hhayi nje kuphela ukusiyisa engunaphakadeni (NgokukaLuka 23:43), kodwa kusukela kuyona lempilo yamanje usipha ukuba saneliswe, futhi isho utho kithi. Manje, lempilo engunaphakade ne zulu emhlabeni itholakala kanjani?

IMPILO ESHO UTHO IBUYISELWA NGOJESU KRISTU

Njengokuba sekuke kwathintwa, impilo esho utho kusukela manje naphakade itholakala ngokubuyiselwa kobudlelwane noNkulunkulu obalahleka ngesikhathi uAdamu no Eva bewela esonweni. Namuhla, lobo budlelwane bungabuyiselwa ngeNdodana kaNukulunkulu uJesu Kristu (IZenzo 4:12; NgokukaJohane 14:6; 1:12). Impilo engunaphakade itholakala uma umuntu ephenduka ezonweni (lapho enquma ukungasaqhubeki ukuzenza kodwa esefuna uKristu ukuba amshintshe amenze isidalwa esisha)) abeseqala ukwethembela kuJesu Kristu njengoMsindisi. (Funda umbhalo obhalwe ngaphambili osihloko sithi liyini uhlelo lwensindiso ukuze uthole ulwazi olujulile ngalendaba esemqoka kangaka).

Manje ke lokhu okuqukethwe yimpilo akusikho nje okutholakala ngokuthi uvume uJesu njengoMsindisi kuphela. Kodwa impilo eyiyonayona itholakala lapho umuntu eqala ukulandela uKristu njengomfundi Wakhe, afunde Kuye, achithe isikhathi Naye kanye neZwi Lakhe, athandaze Kuye, futhi ahambe Naye ethobela imithetho Yakhe. Uma usengakakholwa noma ke usanda kukholwa ungakubona lokhu ingathi akujabulisi futhi akunokwanelisa. Kodwa ake ufunde uqhubeke. UJesu washo lamazwi:

Zanini kimi nina nonke enikhathele nenisindwayo, Mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngentliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula (NgokukaMathewu 11:28-30). Ngize ukuba babe nokuphila, futhi babenakho kuchichime (NgokukaJohane 10:10b). uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe angilandele. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukufumana (NgokukaMathewu 16:24-25). Zithokozise ngoJehova, yena uyakukunika okufiswa yintliziyo yakho (Amahubo 37:4).

Okushiwo yilezindimana zeBhayibheli kafishane nje ukuthi sinokuzikhethela. Singakhetha ukuphila impilo ngokwethu nje (umphumela wakho ukuphila impilo eyize) noma singakhetha ukulandela uNkulunkulu nentando Yakhe ngentliziyo yethu yonke (umphumela walokho yimpilo ephelele, nezifiso zethu zaneliswe, futhi sithole ukwaneliseka). Lokhu kwenziwa ukuthi uMdali wethu uyasithanda futhi usifisela okungcono (Hhayi impilo elula nje kodwa leyo enokusanelisa).

Ekugcineni, ngifuna ukukubekisela ngomfanekiso engawuthola kumngane wami ongumfundisi. Uma ngabe ungumlandeli wezemidlalo bese unquma ukuya emdlalweni okhokhelwayo, ungabhadala imali ethile nje encane bese uthola isitulo esikhashanyana nalapho kudlalwa khona, noma ungakhokha imali eningana bese uthola isitulo esiseduze nenkundla. Kunjalo ke nasekukholweni. Ukubona uNkulunkulu esebenza akusikho kwamakholwa angesonto kuphela. Labo abakakhokhi intengo efanele. Ukubona uNkulunkulu esemsebenzini ngokwalabo bafundi abantliziyo yabo iphelele bakaKristu, abangasafuni abakufisayo bona empilweni kodwa abafunisisa inkambo kaNkulunkulu. Labo ke bakhokhe intengo eyiyona (bazinikele ngokuphelele kuKristu nentando Yakhe); baphila impilo ngokugcwele; futhi bangazifakazela nabo uqobo, nabantu abahlala nabo, nanoMdali wabo ngaphandle kokuzenyeza! Usuyikhokhile intengo ephelele? Uyafuna yini? Uma kunjalo ungeke uphinde ulambele ukwazi ukuthi impilo isho ukuthini noma injongo yokuphila iyini nanini.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Incazelo yempilo iyini na
© Copyright Got Questions Ministries