settings icon
share icon
Umbuzo

Uyini wona loMgudu wakwabaseRoma oyisa ekusindisweni?

Impendulo


UMgudu wakwabaseRoma wensindiso yindlela nje yokuhlephulelana noma ukushumayela ivangeli lensindiso usebenzisa amavesi eBhayibhelini acashulwe encwadini yaKwabaseRoma. Yindlela elula kodwa enamandla echaza kahle ukuthi sidingelani ukusindiswa, ukuthi uNkulunkulu wasipha kanjani insindiso, singayemukela kanjani insidiso, futhi yini imiphumela yensindiso.

Indimana yokuqala kuloMgudu wakwabaseRoma oyisa ensindisweni itholakala KwabaseRoma 3:23, Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu. Thina sonke sonile. Senzile izinto ezingamthokozisi uNkulunkulu. Akekho noyedwa ongenacala ngalokhu. KwabaseRoma 3:10-18 isinika isithombe esicacile esikhomba ukuthi isono sibhekeka njani empilweni yethu.

Indimana yesibili kuloMgudu itholakala KwabaseRoma 6:23, esifundisa ukuthi iyini imiphumela yesono - Ngokuba inkokhelo yesono ngukufa; kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. Isijeziso esifanele thina ukufa. Hhayi kuphela enyameni, kodwa ukufa kwaphakade!

Indimana yesithathu kuloMgudu ithatha lapho indimana KwabaseRoma 3:23 igcine khona, kodwa isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu. KwabaseRoma 5:8 yona ithi, Kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela. UJesu Kristu wasifela! Ukufa kukaJesu kwakhokhela isijeziso sezono zethu. Ukuvuka kukaJesu kubonakalisa ukuthi uNkulunkulu wakwamukela ukufa kukaJesu kube yinhlawulo yezono zethu.

Indimana yesine kuloMgudu itholakala KwabaseRoma 10:9, Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. Ngenxa yokufa kukaJesu endaweni yethu, esifanele sikwenze ukukholwa Kuye, sethemba ukuthi ukufa Kwakhe kwaba yinhlawulo yezono zethu - siyakusindiswa! KwabaseRoma 10:13 kuyashiwo futhi ukuthi, Ngokuba bonke abayakukhuleka egameni leNkosi bayakusindiswa. UJesu wafela ukuba ahlawule isijeziso sezono zethu asihlenge ekubhujisweni kwaphakade. Insindiso, ukuthethelelwa kwezono, kutholwa yinoma ngubani owethemba kuJesu kristu njengoMsindisi neNkosi yakhe.

Indawo yokugcina kuloMgudu yimiphumela yensindiso. KwabaseRoma 5:1 iletha lomlayezo omuhle, Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu. NgoJesu Kristu singaba nobudlelwane bokuthula noNkulunkulu. KwanaseRoma 8:1 sifundiswa ukuthi, Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu. Ngokufa kukaJesu endaweni yethu, asisayikulahlwa ngenxa yezono zethu. Okokugcina, sinalesethembiso esihle kakhulu sikaNkulunkulu esitholakala KwabaseRoma 8:38-39, Ngiyakholwa ukuthi nakufa, nakuphila, nazingelosi, nababusi, nacho konke okukhona, nacho okuzayo, namandla, nakuphakama, nakujula, nanto enye edaliweyo akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukukristu Jesu iNkosi yethu.

Unathanda ukuwulandela loMgudu wakwabaseRoma oyisa ekusindisweni? Uma kunjalo ke nangu umthandazo ongawuthandaza kuNkulunkulu. Ukusho lomthanadazo ukutshela uNkulunkulu ukuthi manje uqala ukwethembela kuJesu ukuba uthole insindiso. Lamagama awodwa angekusindise. Kodwa ukukholwa kuJesu Kristu okungakusindisa! Thandaza ke uthi, Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje isono sami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nokuthethelela okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Uyini wona loMgudu wakwabaseRoma oyisa ekusindisweni
© Copyright Got Questions Ministries