settings icon
share icon
Umbuzo

Lithini iBhayebheli ngokwahlukana kanye nokushada kabusha?

Impendulo


Okokuqala noma umuntu uyibheka kanjani indaba yokuhlukana, kubalulekile ukukhumbula incwadi kaMalaki 2:16 Ngiyakuzonda ukwahlukana, usho uJehova ka Israel ngokuya kwezi umshado ukuzinikela kwempilo yonke. Ngoba laba ababili abasebabili kodwa bamunye. Ngakhoke okuhlanganise iNkosi, makungabikho muntu okwehlukanisako (uMatewu 19 6)uNkulunkulu wase uyaqhaphela ukuthi umshado uhlanganisa abantu ababili abanobuthakathaka besono, ukwahlukana kuzoba khona. eTastementini elidala, ebeka imithetho ethize ukuze agcine amalungelo wokwahlukana, ikakhulu ukumela abesifazane (Detoronomi 24: 1 4). uJesu uthi lemithetho yabekwa ngenxa yobulikhuni bezinhliziyo zenu, kungekuthi kwakulu hlelo lukaNkulunkulu (Matewu 19 8).

Ukwahlukana ngombono ukuthi abantu bahlukane bese bayashada futhi ilapha emagameni kaJesu kuMatewu 5:32 kanye 19:9. Umugqa othi Ngaphandle kokungathembeki yilelo phuzu kuphela elinikela uNkulunkulu imvumo yokuba kuhlukwane futhi kushadwe okwesibili. Abaningi abahumushi baqonda lomthetho ovumelayo bebhekise ukungathembeki emshadweni futhi ngesikhathi sobungodusi . Ngomthetho wesiJuda abantu bathathwa njengabashadile nanoma basathembisene noma Kuyingodusi . Ngokunjalo, ubuphingi ngesikhathi sobungodusi bekunikeza igunya elinamandla lokwahlukana.

Kodwa-ke, uma sihumusha ngesiGrigi ukungathembeki emshadweni lisho ukungathembeki ngalo lonke uhlobo lwecansi. Lingasho ukuphinga, ukuthengisa umzimba noma ubufebe. njalo njalo uJesu uthi ukwahlukana kuvumelekile uma kukhona ukungathembeki kwezocansi. Ubudlelwane bocansi isihlanganiso esibalulekile emshadweni : laba ababili bazaba inyama yinye (uGenesisi 2:24;uMatewu 19:5 abaseEfesu 5:31) Ngakhoke, uma kukhona ukwahlukana noma ngaluphi uhlobo ngenxa yoku ngathembeki emshadweni kungaba negunya lokuba kuvunyelwe. Uma uJesu ekhuluma ngokushada futhi eqondeni yakhe. Legama elithi ungaphinda ushade (uMatewu 19 -9) lisikhombisa ukuthi ukushada nokwahlukana kuvunyelwe ngesizathu esivunyelwa izwi. nanoma ungayihumusha kanjani lendaba. Kubalulekile ukuqaphela ukuthi kodwa uvunyelwe ukushada yilowo ongenacala. Nanoma lingashongo izwi kodwa ukuphinda ushade kunikezwa ithuba kulowo ongonanga kungumusa kaNkulunkulu kulowa uwenzelwe isono, hayi lo ongene ekuphingeni. Kungenzeka ukuthi naye lo onecala ashade futhi kodwa asifundiswanga kulesahluko. Kwesinye isikhathi uNkulunkulu uyabenza abantu ukuba bahlukana ukuze impilo yabo ingabi nezithikamezo (1 abaseKorinthe 7:32 35) Ukushada emuva kokuhlukana kungangcono kodwa ukusho ukuthi kuhle ngaso sonke isikhathi.

Kuyadabukisa ukubona ukuthi amaKrestu nawo asezingeni eliphezulu nje ngabangakholwa. Izwi likaNkulunkulu likubeka ngeqiniso ukuthi uNkulunkulu uyakuzonda ukwahlukana. (Malaki 2:16) futhi ukubuyisana kanye nokuthethelelana kufuna ukuba umkhuba wempilo yamakholwa (uLuka 11:4. abaseEfesu 4:32). Ngakhoke, uNkulunkulu wazi ukuthi ukuhlukana kuzobakhona, ngisho nabakholwayo. Umzalwane ondlule ekwahlukaneni noma oshade futhi angacabangi ukuthi uNkulunkulu akamthandi. Ukwahlukana nokushada futhi akuvunyelwe ngokuya kwencwadi ka Matewu 19:9. uNkulunkulu kwesinye isikhathi usebenzisa isono kanye nokungalaleli kwamaKrestu ukuthola izinto ezinkulu.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Lithini iBhayebheli ngokwahlukana kanye nokushada kabusha
© Copyright Got Questions Ministries