settings icon
share icon
Umbuzo

Ngiyithola kanjani intethelelo kuNkulunkulu?

Impendulo


Izenzo 13:38 zisho lokhu, Ngakho ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono

Yini intethelelo futhi ngiyidingelani?

Igama elithi thethelela lisho ukusula icala, ukuxolela, ukwesula isikweledu. Uma sona omunye umuntu, sicela intethelelo kuye ukuze bubuyele ubudlelwane bakuqala. Intethelelo ayinikwa nje umuntu ngokuba kufanele vele axolelwe. Akunamuntu ofanele ukuxolelwa nje. Intethelelo ingumphumela wothando, isihawu nomusa. Intethelelo ukuzimisela ukungabambeli omunye amagqubu yize akwenzakalisile ngokuthile.

IBhayibheli isitjela ukuthi sonke siyayidinga intethelelo ephuma kuNkulunkulu. Sonke sonile. uMshumayeli 7:20 isho lokhu ukuthi Akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle angoni. Eka I KaJohane 1:8 ithi, Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Isono sonke singumsebenzi wokuvukelana noNkulunkulu (Amahubo 51:4) Ngaleso sizathu, sidinga kakhulu intethelelo kaNkulunkulu. Uma izono zethu zingakathethelelwa, siyochitha iphakade lethu sihlupheka kabuhlungu ngenxa yezono zethu (NgokukaMathewu 25:46; NgokukaJohane 3:36).

Intethelelo Ngingayithola kanjani?

Ngokubongeka, uNkulunkulu unothando nomusa uzimisele futhi ukusithethelela izono zethu! 2 KaPhetru 3:9 usitjela ukuthi, kepha iyanibekezelela, ingathandi ukuba kubhubhe namunye, kodwa ukuba bonke beze ekuphendukeni. UNkulunkulu uthanda ukusixolela, ngakho wanikelela ukuthethelelwa kwethu.

Isijeziso esilungele izono zethu ukufa. Inxenye yokuqala yendimana KwabaseRoma 6:23 ithi, Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa. Ukufa okuphakade yikhona okusifanele nokuyinzuzo yezono zethu. Unkulunkulu, ohlelweni Lwakhe olungasolekile, waba ngumuntu uJesu Kristu (NgokukaJohane 1:1,14). UJesu wafa esiphambanweni, ethatha isijeziso esasingesethu ukufa.

II KwabaseKorinte 5:21 usifundisa ukuthi, Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu. UJesu wafa esiphambanweni, wathatha isijeziso esilungele thina. EnguNkulunkulu, ukufa kukaJesu wasipha intethelelo yezono zezwe lonke. Ku I EkaJohn 2:2 ithi, Yena uyinhlawulo ngezono zethu, kungengezethu zodwa kodwa nangezezwe lonke. UJesu wavuka kwabafileyo, ememezela ukunqobq Kwakhe phezu kwesono nokufa (I KwabaseKorinte 15:1-28). Makabongwe uNkulunkulu, ekufeni nasekuvukeni kukaJesu Kristu, inxenye yesibili yendimana kwaBaseRoma 6:23 iqinisile uma ithi, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu inkosi yethu.

Uyathanda ukuthi izono zakho zithethelelwe? Uzizwa unonombeza okulahlayo okukhathazayo nongakhoni ukuwedlulisa? Ukuthethelelwa kwezono zakho kukhona uma nje ungabeka ukukholwa kwakho kuJesu Kristu abe nguMsindisi wakho. Kwabas-Efesu 1:7 uthi, Esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakheUJesu wahlawulela izono zethu ukuze sithethelelwe. Ofanele ukwenze nje ukucela uNkuklunkulu ukuba akuxolele ngoJesu, ukholwe ukuthi uJesu wafa ukuhlawulela intethelelo yakho uzokuthethelela! Incwadi ngokuKaJohane 3:16-17 inalomyalezo omuhle othi, Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka waze wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade. Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga indodana ezweni ukuba yahlulel izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.

Ukuthethelelwa Kulula kanjalo nje?

Yebo kulula nje kanjalo! Intethelelo kaNkulunkulu ayisetjenzelwa. Futhi angeke uyithenge ngamali intethelelo yakho kuNkulunkulu. Ungayemukela kuphela ngokukholwa emseni nangesihawu sikaNkulunkulu. Uma ungathanda ukwamukela uJesu Kristu njengoMsindisi wakho uthole intethelelo kuNkulunkulu, nangu umthandazo ongawuthandaza kafushane. Yazi kodwa ukuthi ukusho lomthandazo, noma ke yimuphi omunye ofana nawo angeke kukusindise. Kodwa ukwethembela kuJesu Kristu kuphela okungenza ukuthi uthole ukuthethelelwa ezonweni. Lomthandazo uyindlela nje elula enceda ukuthi uthululele kuNkulunkulu ukukholwa kwakho kuye futhi umbonge ngokukulungisela intethelelo. Thandaza ke uthi:"Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ukuthi ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje isono sami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nokuthethelela okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ngiyithola kanjani intethelelo kuNkulunkulu
© Copyright Got Questions Ministries