settings icon
share icon
Umbuzo

Siyafunda yini ngawo ezwini leNkosi?

Impendulo


Indaba yamadayinaso idala ukuphikisana okukhulu phakathi kwamaKrestu kuleminyaka endlulile kanye namanje emhlabeni, incazelo efanele ukuchaza kuGenesisi, kanye nokuthi sizothola kanjani ubufakazi obuphathekayo lapho sihlala khona.Kulabo abakholwa emhlabeni omdala bavumelana ukuthi zazi khona lezidalwa kodwa iBhayebheli alilobanga ngazo, ngokuba ngokuya kwezifundo ezidala amadayinaso afa eminyakeni eyisigidi edlulile (one million) ngaphambi kokudalwa komuntu wokuqala owahamba emhlabeni. Umuntu owabhala iBhayibheli akazange awabone amadayinaso.

Labo abakholelwa kuminyaka emisha yeBhayebheli bayavumelana ukuthi amadayinaso liyakhuluma ngawo, kodwa alisebenzisi dayinaso . Esikhundleni, basebenzisa igama lesi Hebheru elithi Tanniyani, ilihumushwa ngezindlela eziningi ngeBhayibheli lesiNgisi kwesinye isikhathi sithi sea monster okusho ukuthi amazimuzimu aselwandle, kwesinye isikhathi serpent inyoka endala . Kaningi siyihumusha ngokuthi udrago inyoka endala . Lama Tanniyani kubukeka kungathi lezinyoka zinesimo esikhulu. Lezizidalwa kubhalwe ngazo cishe kube ngamashumi amathathu eTastementeni elidala bezitholakala emhlabeni kanye nasemanzini.

Ngaphezu kwalokho lezilwane ezihamba phansi zingamazimuzimu, iBhayebheli lichaza eziningi zalezi zidalwa ngendlela yokuthi abafundi bezwi babhala bechaza amadayinaso. uBehomothi okuthiwa isilwane esikhulu kuzo zonke ezidalwe nguNkulunkulu kuyo yonke imvelo, izimuzimu elinomsila ofaniswa nesihlahla somsedari (Jobe 40:15) Izinye izifundiswa zifanisa uBehomothi nje ngeNdlovu noma iMvubu. Abanye baphawula iziNdlovu noma iMvubu zinomsila uzacile kakhulu, okusho ukuthi akukho esingakuqhathanisa nesihlahla somsedari. Amadayinaso njengamabrakhisarosi kanye nama diplodakosi kwenye endawo anemisila emikhulu eqhathaniswa nesihlahla somsedari

cishe sonke esikhathi esidlulile sinendlela ethize yokufanisa imvelo ekhombisa izilwane ezinwambulukayo ezinkulu kakhulu.amaPetrogalifisi, nama arthifekhto, kanye nezilwane ezihlala phakathi kobumba sizithola eNingizimu yeMerika zikhomba noma zimela amadayinaso wamanje. Abakhanda amatshe eNingizimu yeMerika bathola amadoda akhwele amadiplodocus, - njenge silwane futhi okumangazayo, iBhere elisithombe esifana netriceratops , kanye ne pterodactyl, ne trannosaurus izidalwa ezinjalo. Izithombe zomdwebo wama Roma, amabhodwe eMayan, kanye nayo yonke imithangala yaseBhabheloni iyafakazela ukuphenduka komuntu ngokwemvelo yakhe, ngokwezomhlaba kukhona okumangazayo ngendlela emangalisayo ngalezidalwa. Izifundo ezimangalisayo njengezaka Marco Polo s 11 Isicebi sihlanganiswa nesimangaliso nencebo enkulu ezilwaneni. Ngaphezu kwalokho kwathasisela ulwazi lwezabantu, nezomlando nobufakazi bokuthi kukhona ubuphila phakathi kwabantu namadayinaso, kukhona ubufakazi obuphathekayo, njengezinyathelo zefossilized nezabantu kanye namadayinaso ezatholwa ezindaweni zaseNingizimu Melika kanye nasenkabeni ye Eshiya.

Manjeke, akhona amadayinaso eBhayebhelini? Lendaba inzima ukuthi singayiceda. Iya ngokuthi uyihumusha kanjani lendaba ngobufakazi obukhona nokuthi silibheka kanjani izwe esiphila kulo. Uma silihumusha iBhayibheli ngamehlo enqondo, umhlaba omusha uzosiholela, inqondo yokuthi amadayinaso nomuntu kudala bedaliwe futhi sikwamkele lokho. Uma amadayinaso kanye nabantu kudala bekhona, kwenzekeni ngamadayinaso na? Kodwake iBhayibheli alisho lutho ngamadayinaso, kungenzeke ukuthi amadayinaso abulawa uzamcholo kanye futhi ukuphenduka kwemvelo kanye futhi nabazingeli abulala.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Siyafunda yini ngawo ezwini leNkosi
© Copyright Got Questions Ministries