settings icon
share icon
Umbuzo

Iyini inkolo yobuKristu, futhi yini amaKristu akholelwa kuyo?

Impendulo


I KwabaseKorinte 15:1-4 ithi, Kepha, bazalwane, ngiyanikhumbuza ivangeli enganishumayeza lona nenalamukelayo nenimi kulo, nenisindiswa ngalo, nxa nibambelela ezwini enganishumayeza lona, uma kambe ukukholwa kwenu kungabanga yize. Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo.

Kafushane nje, yilokho inkolo yobuKristu ekholelwa kukho. Inkolo yobuKristu yahlukile kunazo zonke ezinye izinkolo, ngokuba iyinkolo yobudlelwane, hhayi ukwenza izinto ngokwenjwayelo yenkolo. Kunokuba kulandelwe uhla lokufanele kwenziwe noma kungenziwa inkambo yoMkristu wukuqinisa ubudlelwane nokuhambisana noNkulunkulu uBaba wethu. Lobo budlelwane benzeka ngomsebenzi kaJesu Kristu, nenkonzo empilweni yoMkristu ngoMoya Ongcwele.

AmaKristu akholelwa ukuthi iBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu eligqotshiwe, futhi imfundiso yalo iyona elungele ukufundisa nokuqondisa. (II kuThimothewu 3:16; II kaPetru 1:20-21). AmaKristu akholelwa kuNkulunkulu munye oziqu-zintathu, uNkulunkulu uBaba, Indodana (UJesu Kristu), noMoya Ongcwele.

AmaKristu akholelwa ukuthi abantu badalelwa ukuba nobudlelwane noNkulunkulu, kodwa isono siyamehlukanisa umuntu noNkulunkulu (KwabaseRoma 5:12; KwabaseRoma 3:23). Inkolo yobuKristu ifundisa ukuthi uJesu Kristu waphila khona lapha emhlabeni, yena anguNkulunkulu ngokuphelele, nokho asenyameni ngokuphelele (KwabaseFiliphu 2:6-11), futhi wafa esiphambanweni. AmaKristu akholelwa ukuthi emva kokufa Kwakhe esiphambanweni, wangcwatshwa, wavuka futhi, manje usehlezi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, enxusela abakholwayo phakade naphakade (KuMaheberu 9:11-14, KuMaheberu 10:10, KwabaseRoma 6:23, KwabaseRoma 5:8).

Ukuze umuntu asindiswe, ufanele ukubeka ukukholwa kwakhe ngokuphelele emsebenzini ophelele owenziwa nguJesu Kristu esiphambanweni. Uma umuntu ekholelwa ukuthi uKristu wafa endaweni yakhe wakhokhela inhlawulo yezono zakhe, wavuka futhi, lowo muntu ke usindisiwe. Akukho lutho olungenziwa ngumuntu ukuzuza insindiso. Akukho umuntu ongaba muhle ukujabulisa uNkulunkulu ngokwakhe, ngokuba sonke siyizoni (UIsaya 64:6-7, UIsaya 53:6). Okwesibili, akukho okungenziwa ngumuntu ngokuba uJesu Kristu usewawenza wonke umsebenzi! Esesiphambanweni uJesu wathi, Kuphelele (NgokukaJohane 19:30).

Njengoba kungekho lutho olungenziwa umuntu ukuba azuze insindiso, uma esebeke ithemba lakhe emsebenzini owenziwa nguKristu esiphambanweni, akukho futhi okungenziwa ngumuntu ukuba alahlekelwe yileyo nsindiso. Khumbula, uJesu sewawenza wonke umsebenzi! Insindiso ayikanciki ekwenzeni utho yilowo oyamukelayo! NgokukaJohane 10:27-29 ithi, Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho [umuntu] ongazihlwitha esandleni sami. UBaba onginikileyo [bona] mkhulu kunabo bonke; akakho [umuntu] ongazihlwitha esandleni sikaBaba.

Abanye banagacabanga ukuthi, Uma sengisindisiwe sengingenza konke engikuthandayo, angeke ngilahlekelwe yinkolo yami! Kanti ke insindiso ayisho inkululeko yokwenza njengoba sithanda. Insindiso isho inkululeko ekwenzeni isono, kodwa inkululeko ekulandeleni ubudlelwane obuyibona noNkulunkulu. Yingci nje uma abazalwane besaphila kulomhlaba emzimbeni wesono, kuzohlala kukhona ukulwa ukuba singangeni esonweni. Ukuhlala esonweni kuvimbela ubudlelwane bomuntu noNkulunkulu, futhi ke yingci nje uma umzalwane ephila esonweni, angeke abenobudlelwane noNkulunkulu. Kodwa ke umuntu anganqoba isono uma efunda futhi enze izwi likaNkulunkulu empilweni yakhe, futhi aholwe nguMoya Ongcwele okusho ukuthi azinikele ekuholweni nguMoya Ongcwele ekuhambeni kwakhe konke, nokulalela Izwi likaNkulunkulu.

Manje ke, uma ezinye iziNkolo zicindezela ukuba kwenziwe izinto ezithile noma kungenziwa izinto ezithile, inkolo yobuKristu yona iwubudlelwane noNkulunkulu. INkolo yobuKristu ingukukholwa ukuthi uJesu Kristu wafa esiphambanweni njengenhlawulo yesono sethu, wavuka futhi. Inkokhelo yesono sakho isikhokhiwe, manje usungaba nobudlelwane noNkulunkulu. Ungaba ngumnqobi ngaphezu kwesono nemvelo yaso uhambe unokuhlanganyela nokulalela uNkulunkulu. Yilobo ke ubuqiniso benkolo yobuKristu ngokweBhayibheli.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Iyini inkolo yobuKristu, futhi yini amaKristu akholelwa kuyo
© Copyright Got Questions Ministries