settings icon
share icon
Umbuzo

Ingabe uJesu uyiyona yodwa ndlela esiyisa eZulwini na?

Impendulo


"Mina ngingumuntu ozilungele ngendalo, ngakoke ngiyolingena iZulu. "Ngiyavuma ngenza izinto ezimbi ngesinye isikhathi, kodwa ziningi ezinhle engizenzayo kunalezo ezimbi, ngalokho ke eZulwini ngiyongena noma kanjani. UNkulunkulu angeke angijezise ngokungiyisa esihogweni ngenxa yokuthi nje angiphili ngeBhayibheli. Izikhathi sezishintshile manje. Ngabantu abonakele kakhulu njengalaba abanukubeza izingane nababulali ababekelwe isihogo.

Lezi yizizathu abazibekayo abantu abaningi, kodwa okusalayo ukuthi azilona iqiniso, zingamanga. USathane ongumbusi walelizwe, uhlanyela lemicabango ezinqgondweni zethu. Yena lowo Sathane, kanye nabo bonke abamlandelayo bayizitha zikaNkulunkulu (I EkaPetru 5:8). USathane uziveza emuhle ngasosonke isikhathi (II KwabaseKorinte 11:14), kodwa ubusa zonke izinqgondo ezingesizo zikaNkulunkulu. "Okukubona abangakholwa, unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile inqgondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu (II KwabaseKorinte 4:4).

Akulona iqiniso ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu akakhathaleli izono ezincane, nokuthi isihogo silungiselwe abantu abone kakhulu. Sonke isono siyasehlukanisa noNkulunkulu, okufaka phakathi nemanganyana nje ongacabanga ukuthi akalutho. Bonke bonile, akukho namunye olungile ukuba angene eZulwini ngokwakhe (KwabaseRoma 3:23). Ukungena eZulwini akuyi ngokuthi okuhle esikwenzayo kungaphezu kwalokho okubi; siyolahlekelwa sonke uma kunjalo. Kepha uma kuya ngomusa, akusayi ngemisebenzi; uma kungenjalo, umusa awuseyiwo umusa (KwabaseRoma 11:6). Akukho thina esingakwenza okuhle okungasithengela indlela esiyisa eZulwini (KuThithu 3:5).

"Ngenani ngesango elincane; ngokuba isango libanzi nendlela inkulueyisa ekubhujisweni; baningi abangena khona (NgokukaMathewu 7:13). Noma ngabe bonke abantu bebaphila esonweni, kungekho othembela kuNkulunkulu, ubengenakukuthalalisela lokho. "Enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yalelizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumya osasebenza kubantwana bokungalaleli (Kwabase-Efesu 2:2)

Ngenkathi uNkulunkulu edala umhlaba, wawumsulwa uphelele. Konke kwakukuhle. Wase udala uAdamu noEva, wabanika igunya lokwenza ngokuzikhethela, ukuze bakhethe bona ukuthi bayamlandela futhi bayamthobela uNkulunkulu noma qha! Kodwa uAdamu noEva, abantu ababangabokuqala uNkulunkulu abadala, balingwa nguSathane ukuba bangamthobeli uNkulunkulu, bangena ekoneni. Lokhu kwabehlukanisa (nabo bonke abavela emuva kwabo) ukuba babenobudlelwane obusondelene noNkulunkulu. Yena uphelele, unqgwele, ufanele ukwahlulela isono. Njengezoni, asikhonanga ukufinyelela lapho (Ebudlelwaneni noNkulunkulu) ngokwethu. Yingakho ke, uNkulunkulu wenza indlela yokuthi sibuye sihlanganiswe Naye eZulwini. Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdidana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade (NgokukaJohane 3:16). "Inkokhelo yesono ingukufa, kodwa isipho sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade ngoJesu Kristu inkosi yethu" (KwabaseRoma 6:23). UJesu wazalwa ukuba asifundise indlela, wafela izono zethu ukuze thina singabe sisafa. Emva kwezinsuku ezintathu efile, wavuka ethuneni (KwabaseRoma 4:25), ebonakalisa ukunqoba Kwakhe phezu kokufa. Wavala umkhathi phakathi kukaNkulunkulu noMuntu ukuze sibe nobudlelwane Naye, uma nje sikholwa.

"Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu (NgokukaJohane 17:3). Abantu abaningi bayakholelwa kuNkulunkulu, kanti noSathane wenze njalo. Kodwa ukwamukela insindiso, sifanele siphendukele kuNkulunkulu, sakhe ubudlelwane bethu Naye, silahle izono zethu silandele Yena. Sifanele ukwethembela kuJesu Kristu ngakho konke esinakho, nakho konke esikwenzayo. "ngisho ukulunga kukaNkulunkulu ngokukholwa nguJesu Kristu kubo bonke abakholwayo; ngokuba akukho-mahluko (KwabaseRoma 3:22). IBhayibheli ifundisa ukuthi ayikho enye indlela eyisa ensindisweni ngaphandle kukaJesu Kristu. Ujesu uthi, Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami (NgokukaJohane 14:6).

UJesu yiyona-ndlela yensindiso ngoba Nguye yedwa ongahlawulwla inhlawulo yesono sethu (KwabaseRoma 6:23). Ayikho enye inkolo efundisa ukujula nokuqiniseka ngesono nemiphumela yaso. Akunankolo noma yiyiphi esipha inhlwulo engenamkhawulo yesono etholakala kuJesu kristu. Akekho noyedwa umqambi-nkolo owaba nguNkulunkulu owaba ngumuntu (NgokukaJohane 1:1,14) okuyindlela engenamkhawulo yokukhokhela inhlawulo yesikweletu sethu. UJesu wafanela ukuba ngumuntu ukuze afe. Insindiso iyathokala ngokukholwa kuJesu Kristu kuphela! Ayikho insindiso ngomunye, ngokuba alikho futhi elinye igama phansi kwezulu elinikiwe ebantwini, esimiselwe ukusindiswa ngalo (Izenzo 4:12).

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ingabe uJesu uyiyona yodwa ndlela esiyisa eZulwini na
© Copyright Got Questions Ministries