settings icon
share icon
Umbuzo

Ngingasinqoba kanjani isono empilweni yami yokukholwa?

Impendulo


I Bhayibheli lisinika izikhali zonke ukusisiza ukuba sinqobe isono. Kulomhlaba esiphila kuwo singeke sibe ngabapheleleyo kodwa sifanele siphokophele ngokusizwa iNkosi ukunqoba isono. (1 Johane 1; 8) Uma singalandela lemigomo Yezwi lika Nkulunkulu singanqoba isono ngokukuba njengo Kristu imihla ngemihla.

Amagunya awokuqala esinikwe wona uMoya oyingcwele. uNkulunkulu usinike uMoya oYingcwele ukuba sibe ngabanqobi. uNkulunkulu uyasazisa ukuthi iithelo zenyama zimelana nezithelo zikamoya baseGalathiya 5; 16 25. Kulasahluko sifundiswa ukthi sihambe ngokoMoya. Bonke abakholwayo banawo uMoya oyingcwele kodwa izwi lisifundisa ukuthi sihambe ngokoMoya, simlalele njalo. Okusho ukuthi njalo sikhethe ukulandela uMoya oyingcwele ezempilweni zethu kunokulandela inyama.

Umehluko uMoya oyingcwele ungawenza siwubona empilweni ka Petro, owathi ngaphambi kokugcwalisa ngamandla ka Moya oyingcwele, wamphika kathathu uJesu nanoma ebethembisile ukuthi uzomlandela uJesu kuze sekufeni. Emva kokogcwaliswa ngamandla kaMoya washumayela ngamandla kumaJuda ngosuku le Phentekosi.

Sihamba ngokoMoya njengaloku siphokophela ukumancimi uMoya 1 AbaseThesolonika 5; 19) sidinga futhi ukugcwaliswa ngo Moya oyingcwele (Abase Efesu 5; 18 21).Ungagcwaliswa kanjani ngoMoya oyingcwele? Okokuqala, uNkulunkulu osikethayo njengaloko wakwenza eTastementi elidala. uNkulunkulu wakhetha abathize wabagcwalisa ngoMoya wakhe ukuze bafeze icebo lakhe. (Genesisi 41; 38; Exodus 31; 3; Numeri 24; 2, 1 Samuweli 10;10) Bukhona nobufakazi encwadini kabase Efesu 5; 18 21 kanye AbaseKolose 3; 16 lithi izwi leNkosi uNkulunkulu ukhetha labo abagcwalisa impilo ngabo ngezwi lika Nkulunkulu. Loku kusiholele ephuzwini lesibili.

Lithi Ibhayebheli uNkulunkulu usinike izwi lakhe ukuba sigcwaliswe ngalo ukwenza umsebenzi omuhle (2 Timothewu 3; 16 17) Lisifundisa ukuthi sikholwe kuloko esikufundayo, lisambulela indlela esifanele, liyasiqondisa endleleni, isinceda ukuhlala endleleni. Ama Hebheru 4; 12 Linqoba inqwaba yesesono nokujula kwesono. Umhubi uthi liguqala impilo ngokujuliluleyo AHubo 119.

uJoshuwa wafundiswa ukuthi lezwi likaNkulunkulu makalifunde azindle ngalo ubusuku nemini futhi agcine wonke lamazwi. Loku wakwenza njalo noma bekungenzi ingqondo kumuntu uhola ibutho kodwa wakwenza ukuba anqobe izimpi eziningi ukuze bangene ezweni Lesithembiso.

iBhayibheli incwadi esivame ukuba siyithathe kalula. Sithwala amaBhayebheli njalo uma siya enkonzweni noma sifunda isifundo sosuku kodwa siyahluleka ukusifaka emakhanda wethu futhi nokuzindla ngalo, noma silisebenzisa ezimpilweni zethu, siyahluleka ukuzihlambulula ezonweni ezambulelekile noma simdumise ngezipho zonke ezinhle asiphe zona. Uma siza ezwini kaningi sifuna ukuthatha lokhu esikuthandayo nokuthokozisa thina. Sithatha kuphele okwanele ukuba siphile ngakho noma siyalidla izwi kodwa siyahluleka ukuzindla ngalo ukuze sithola amandla ezwi nokukhula emoyeni.

Kubalulekile ukuthi uma kungasiwo umkhuba wakho wokufunda izwi noma uzindle ngalo, ukuthi uqale manje lomkhuba. Abanye baqala ukwenza umkhuba wokubhala encwadini. Makube umkhuba wakho ukuthi njalo uma ufundile kube khona okubhala encwadini yakho. Abanye babhala imikhuleko kuNkulunkulu, bacela ukuba abancede ukuguquka ezithembisweni abazenzile kuNkulunkulu. IBhayebheli isikhali sika Moya samandla amangalisayo. (Abase Efesu 6; 17) Isikhali esikhulu sokulwa izimpi zonke zikaMoya (Abase Efesu 6; 12 18) Isikhali esinye esimangalisayo nesimelana nesono Umkhuleko.

Naso lesisikhali esinye abantwana baka Nkulunkulu bangasithatheli phezulu. Sinaso isikhathi somkhuleko kodwa asikho ezingeni lokufikela ezingeni lebandla lokuqala. (Izenzo 3; 1, 4; 31, 6 4, 13; 1 3) uPhawula isho ephindaphinda ukuthi ulikhulekela kangakanani ibandla. uNkulunkulu usinike izithembiso ezinhle uma sikhuleka. (uMathewu 7; 7 11; uLukha 18; 1 8; Johane 6; 14 15) 1 Johane 5; 14 15) futhi uPawula esifundisweni sakhe usilungisela ngezimpi zikaMoya. (Abase Efesu 6; 18).

Singanqoba kanjani isono ezimpilweni zethu? Kunezwi lika Krestu ensimini yase Getsemane phambi kokuba u Petro amphike u Jesu. Uma uJesu ekhuleka. uPetro ulele. uJesu uyamvusa uthi. Qhaphela ukhuleke ukuze ungangeni ekulingweni. uMoya uyavuma kodwa inyama ibuthakathaka. (Mathewu 26; 41) Nathi sinjengo Petro ofunukwenza kahle kodwa amandla awekho.Sidinga ukulandele izwi leNkosi elithi sifune njalo, sinqonqothe njalo futhi sicele njalo. uNkulunkulu uzisinika amandla esiwadingayo. (uMathewu 7; 7) umkhuleko ukusiwo umhlolo. Umkhuleko ukuvuma ukuthi sinabo ubuthakathaka nokuvuma amandla amakhulu kaNkulunkulu nokubuyela kuye osipha amandla okwenza lokhu afuna sikwenze hayi thina lokhu esifuna ekukwenza ngentando yethu. (1 Johane 5; 14 15).

Isikhali sokumelana nesono ibandla, ukuhlanganyela namakholwa. Uma uJesu ethumela abafundi bakhe, ubathumela ngababili ngababili (uMathewu 10; 1) NabaPhostoli encwadini yeZenzo abazange baphume ngamuny kodwa ngamaqembu ababili noma ngobuningi. uJesu uyasiyala ukuba singawulahli umkhuba wokuhlanganyela njalo. Sisebenzise lethuba ukukhuthazana, nothando nemisebenzi emihle. (AmaHebheru 10; 24).uJesu uthi sizihlambulule amacala ethu kulowo nalowo. (uJakobe 5; 16) iTastementi elidala lisifundisa ukuthi insimbi ikhaliphisa enye insimbi (Izaga 27 17) Akhona amandla eningini (Umshumayeli 4; 11 12)

AmaKrestu afundile ukuthi kubalulekile ukuba ubenomzali kaMoya, Loku kukunceda ukumelana nezono ezinkulu. Ukuba noMzali kaMoya ongakhona ukuthula izinkinga zakho zonke, akhuleke nawe, akukhuthaze futhi akukhuze ngendlela emangalisayo. Izilingo zisimele thina sonke (1 AbaseKhorinthe 10 13) Ukuba noMzali kaMoya kusinikeza indawo negunya labantu esingaziphendulela kubo.

Kwabanye abantu banqoba isono masinyane, kodwa ukunqoba kuza kancane. uNkulunkulu usithembisile ukuthi singasebenzisa izikhali zakhe, kancane kancane uzothola inguquko ezimpilweni zethu. Singakhuthazela emizameni yethu yokunqoba isono ngokuba siyazi ukuthi uthembekile futhi akayikuguquka.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Ngingasinqoba kanjani isono empilweni yami yokukholwa
© Copyright Got Questions Ministries