settings icon
share icon
Umbuzo

Kusho ukuthini ukuba uMkristu ozelwe ngokusha?

Impendulo


Kusho ukuthini ukuba uMkristu ozelwe ngokusha? Ombhalo othathelwe eBhayibhelini oyiwona uphendula lombuzo utholakala ku NgokukaJohane 3:1-21. INkosi uJesu Kristu ukhuluma noNikodemu umlisa owaziwayo wakubaFarisi owayeyisikhulu sabaJuda. UNikodemu weza kuJesu ebusuku. UNikodemu wayenemibuzo abethanda ukuyibuza uJesu.

Ngenkathi uJesu ekhuluma noNikodemu wathi, "...ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu. UNikodemu wathi kuye: umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe na? Waphendula uJesu, wathi: Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. (NgokukaJohane 3:3-7).

Amazwi athi zalwa ngokusha asho ukuzalwa kwaphezulu. UNikodemu wayenesidingo esiphathekayo. Wayedinga ushinstho lwentliziyo-uguquko lukamoya. Ukuzalwa ngokusha kuyisenzo sikaNkulunkulu lapho impilo engunaphakade yemukeliswa lowo muntu okholwayo (II KwabaseKorinte 5:17; KuThithu 3:5; I KaPetru 1:3; I EkaJohane 2:29; 3:9; 4:7; 5:1-4, 18). Izindimana NgokukaJohane 1:12-13 zibonisa ukuthi ukuzalwa ngokusha kuqukethe umqondo wokuthi senziwe abantwana bakaNkulunkulu ngokwethembela egameni likaJesu Kristu.

Umbuzo ke wukuthi, kudingeke ngani ukuba umuntu azalwe ngokusha? Umphostoli uPawulu encwadini Kwabase-Efesu 2:1 uthi, Uniphilisile nani enanifile ngeziphambeko zenu. Kubazalwane base-Roma encwadini KwabaseRoma 3:23, umphostoli ubhale lokhu, Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu. Ngakoke umuntu uyadinga ukuba azalwe ngokusha ukuze izono zakhe zithethelelwe abe nobudlelwane noNkulunkulu.

Kwenzeka kanjani lokho na? Kwabase-Efesu 2:8-9 ithi, Ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu, akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. Uma umuntu esindisiwe usezelwe ngokusha, uhlunyelelisiwe ngokomoya, usengumntwana kaNkulunkulu ngelungelo lokuzalwa ngokusha. Ukwethembela kuJesu Kristu, onguyena owahlawulela icala lezono zethu uma afa esiphambanweni, yikho okusho ukuzalwa ngokusha ngokomoya. Kanjalo uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha. (II KwabaseKorinte 5:17a).

Uma ungazange wethembele eNkosini uJesu Kristu njengoMsindisi wakho, ungakuvumela yini ukukhuthaza kukaMoya Ongcwele esakhuluma enhliziyweni yakho? Uyadinga ukuzalwa ngokusha. Ungawuthanadaza umthandazo wokuphenduka ukuze ube yisidalwa esisha kuKristu namuhla? Kepha bonke abamemukelayo wabapha amandla okuba babengabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa abazalwa nguNkulunkulu (NgokukaJohane 1:12-13).

Uma ufuna ukwamukela uJesu Kristu abe nguMsindisi wakho uzalwe ngokusha, nangu umthandazo ongumfanekiso nje womthandazo ongawuthandaza. Khumbula ukuthi ukusho lomthandazo noma omunye ofana nawo angeke kukusindise esonweni. Ukwethembela kuJesu Kristu ngokuphelele okungakukhulula esonweni. Lomthandazo yindlela nje elula yokuthululela kuNkulunkulu ukukholwa kwakho kuye nokumbonga ngokukupha insindiso. Thandaza ke uthi:"Nkulunkulu, ngiyazi ukuthi ngonile kuwe futhi ngimelwe ukujeziswa. Kodwa uJesu Kristu wathwala isijeziso sami ukuze ukuthi ngokukholwa kuye ngithethelelwe. Ngiyashiya manje isono sami kodwa ngibeka ithemba lami kuwe ukuze ngithole insindiso. Ngiyabonga ngomusa wakho omangalisayo nokuthethelela okuyisipho saphakade naphakade! Amen!

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Kusho ukuthini ukuba uMkristu ozelwe ngokusha
© Copyright Got Questions Ministries