settings icon
share icon
Umbuzo

Uma usindisiwe sewusindiselwe unomphela?

Impendulo


Uma umuntu esindisiwe usesindiselwe unomphela na? Uma abantu bazana noJesu nje ngeNkosi Nomsindisi, Banikezwa isiqiniseko sokuthi banobudlelwane nesiqiniseko sokuthi insindiso yabo iqinisekile. Izahluko eziningi eBhayebheli ziyakufakazela loku. (a) AbaseRoma 8; 30 lithi izwi Labo abamisele phambili, ubabizile futhi; labo ababizileubalungisele futhi; labo abalungisisileyo ubaphile nenkazimulo futhi. Levesi lisikhombisa kusukela lapho uNkulunkulu asikhethile, kuba ngathi siyakhazimuliswa ekhaya ezulwini. Asikho isizathu sokuthi sivimbele abakholwayo ukuba bakhazimuliswe ngoba uNkulunkulu usimisele inkazimulo phambili. Uma umuntu elungiswa, insindiso yakhe iqinisekile - Ulungiselwe futhi ukhazimuselwe ezulwini.

(b)uPhawula ubuza umbuzo obalulekile encwadini yabaRoma 8; 33 34 Ngubani oyohlulela labo abakhethwe nguNkulunkulu? akusuye uNkulunkulu osilungisayo. Ngubani loyo osigxekayo? uJesu Krestu, owafa ukudlula lokho, owavuswa kwabafileyo uhlezi esihlalweni sobukhosi futhi uyasinxusela Ngubani oyakusehlulela na? Akekho ngoba uJesu unguMeli wethu omkhulu. Ngubani oyakusahlulela? Akekho, ngoba uKrestu, lo wasifela, nguyena umahluleli wethu. Yena ungumeli kanye nomahluleli.

(c) Amakholwa azalwa kabusha, uma ephenduka (uJohane 3; 3, Thithu 3;5) kuze uMkrestu angalahlekelwe usindiso lwakhe, udinga ukuthi aphenduke. iBhayebheli alisiniki ubufakazi bokuthi ukuzalwa kabusha bungathathwa futhi.

(d) uMoya oyingcwele uhlala kuwo onke amakholwa (Johane 14; 17 abaseRoma 8; 9) nibhaphatise bonke abakholwayo emzimbeni kaKrestu.(1 abaseKorinthe 12;13) Ukuze abakholwayo babe ngabangasindisiwe, kufanele ukuthi bazisuse emzimbeni kaKrestu.

(e) uJohane 5; 15 lithi izwi leNkosi okholwa inkosi uJesu Krestu unokuphila okuphakade. Uma ukholwa iNkosi namhlanje ubese ubanokuphila okuphakade, kodwa uma kukulahlekela kusasa, bese akungeke kube ukuphila okuphakade. Ngakhoke uma ulahlekelwe usindiso lwakho, isithembiso sokuphila phakade kuzoba iphutha.

(f) Kodwa izwi elibalulekile empilweni yethu. Lizichaza kahle ngokwalo. Ngoba ngineqiniso lokuthi noma ukufa noma ukuphila, noma izingelozi noma amademoni, noma isikhathi samanje noma isikhathi esizayo, namandla, nakuphakama nokujula, nanto enye edaliwe akuyikuba namandla okusahlukanisa nothando lukaNkulunkulu olukuKristu Jesu iNkosi yethu.(abaseRoma 8; 38 39)Khumbula ukuthi loNkulunkulu okusindisile nguye futhi ozokugcina njalo. Uma sesisindisiwe sihlala njalo ensindisweni. Insindiso yethu isiqiniseko saphakade.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Uma usindisiwe sewusindiselwe unomphela
© Copyright Got Questions Ministries