settings icon
share icon
Umbuzo

Uyini umuntu onguMkrstu?

Impendulo


Incwadi echaza kabanzi ngamagama ebizwa ngokuthi yiWebsters Dictionary ichaza umuntu onguMkriatu kanjena, ngumuntu onobufakazi obuqinile ngokukholwa kuJesu njengoMsindisi noma kuleyo nkolo eyakhelwe ezifundisweni zikaJesu. Noma lencazelo iyisiqalo esihle ekuqondeni ukuthi umuntu onguMkristu uyini, kodwa njengazo zonke izincazelo ezivela ekuqondeni kwezwe, iyasilela ukuchaza kahle ngokweqiniso leBhayibheli ukuthi kusho ukuthini ukuba nguMkristu.

Igama elithi Umkristu lisetjenziswe kathathu eThestamenteni elisha (Izenzo 11:26; Izenzo 26:28; 1 KaPetru 4:16). Abalandeli bakaJesu Kristu baqala ukubizwa ngokuthi ngabaKristu endaweni yaseAntiyokiya (Izenzo 11:26) ngokuba ukuziphatha kwabo, ukwenza kwabo nokukhuluma kwabo bekufana nokukaKristu. Leligama laqala ukusetshenziswa yilabo abebangasiwo amakholwa baseAntiyokiya bebabiza ngalo ngokubhuqa nokubukela phansi amaKristu. Lona lelogama lisho ukuthi ukuba yingxenye yeqembu likaKristu noma ukuthi umlandeli kaKristu okuyincazelo efanayo naleyo etholakala encwadini yesichaza magama iWebsters Dictionary.

Okukabi ke ukuthi ngokuhamba kwesikhathi leligama elithi Umkristu lilalhlekelwe kakhulu ubumqoka noma yisisindo salo kangangokuba selisetshenziswa nje nakunoma yimuphi umuntu olandela izimiso zenkolo noma olungile ngokwendalo, esikhundleni sokusetshenziswa kulowo ozelwe kabusha ngokweqiniso nongumlandeli kaJesu Kristu. Abantu abaningi abangakholwa nabangathembeli kuJesu kristu bazithatha njengabaKristu ngoba nje beya esontweni noma behlala ezweni elizibiza ngokuthi yizwe lamaKristu. Kodwa ke ukuya esontweni, nokusiza labo abahluphekile, noma ukuba umuntu olungile ngokwendalo akumenzi umuntu ukuba abe ngumKristu. Njengoba umVangeli ake athi, ukuya esontweni akumenzi umuntu ukuba abe nguMkristu njengoba nje ukuya egalaji kungamenzi umuntu ukuba abe yimoto. Ukuba yilunga lebandla noma lesonto elithile, ukungenela zonke izinkonzo, nokunikelela umsebenzi webandla angeke kukwenze ukuba ube nguMkristu.

IBhayibheli lisifundisa ukuthi imisebenzi emihle esiyenzayo angeke isenze semukeleke kuNkulunkulu. KuThithu 3:5 kusitshela ukuthi, Wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha gokwenziwa sibe basha ngoMoya Ongcwele. Ngako ke, uMkristu yilowo muntu ozelwe kabusha nguNkulunkulu (KaJohane 3:3; KaJohane 3:7; 1 KaPetru 1:23) futhi obeke ukukholwa kwakhe nethemba lakhe kuJesu Kristu. KwabaSe-Efesu 2:8 isitshela ukuthi, ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa, nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu. UmKristu weqiniso yilowo ophendukile esonweni sakhe nobeke ukukholo lwakhe nethemba lakhe kuJesu Kristu yene yedwa. Ithemba labanjalo alikho ekulandeleni inkolo ethile noma izimiso ezithile noma imithetho ekufanele ukwenziwa noma ukungenziwa.

UmKristu oqinisileyo ngumuntu obeke ithemba lakhe nokholo lwakhe kuJesu neqiniso lokuthi wafa esiphambanweni njengenhlawulo yezono zethu, wavuka futhi ngosuku lwesithathu waba nokunqoba phezu kokufa nokuba aphe bonke abakholwa Nguye ukuphila okuphakade. NgokukaJohane 1:12 ithi, kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulumkulu, labo abakholwa egameni lakhe.. UmKristu onguyenayena ungumntwana kaNkulunkulu, uyingxenye yomndeni kaNkulunkulu, futhi uphiwe ukuphila okusha kuKristu. Uphawu lobuKristu yilolu, ukuba ube nothando kwabanye nokuthobela izwi likanKulunkulu 1 EkaJohane 2:24; 1 EkaJohane 2:10).

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Uyini umuntu onguMkrstu
© Copyright Got Questions Ministries