settings icon
share icon
Umbuzo

Sengenze isinqumo sokubeka ukukholwa kwami kuJesuManje ngenzeni?

Impendulo


Sengenze isinqumo sokubeka ukukholwa kwami kuJesuManje ngenzeni?"

Wenze kahle kakhulu! Wenze isinqumo esizoshintja impilo yakho yonke! Mhlawumbe uyazibuza ukuthi, Manje yini okunye ofanele ukwenze? Ngiluqala kanjani uhambo lwami noNkulunkulu? Lezinyathelo ezibhalwe lapha ngaphansi zizokunikeza indlela eyiyona yona esuselwa eBhayibhelini. Uma unemibuzo ngohambo lwakho, sicela uvakashele ku www.gotquestions.org/IsiZulu.

1. Qiniseka ukuthi uyayiqonda insindiso

I EkaJohane 5:13 isitjela ukuthi, Nginilobele lokho, ukuze nazi ukuthi ninokuphila okuphakade nina enikholwa egameni leNdodana kaNkulunkulu. UNkulunkulu ufuna siyiqondisise insindiso. UNkulunkulu ufuna sibenokuqiniseka ukwazi ukuthi sisindisiwe ngempela. Kafushane akesibone futhi ukuthi yini okuqukethwe noma okusho insindiso:

(a) Sonke sonile. Senze izinto ezingamthokozisi uNkulunkulu (KwabaseRoma 3:23).

(b) Ngenxa yesono sethu, sifanelwe ukujeziswa ngokuthi sehlukane noNkulunkulu ingunaphakade (KwabaseRoma 6:23).

(c) UJesu wafa esiphambanweni ukuhlawulela isijeziso sezono zethu (KwabaseRoma 5:8; II KwabaseKorinte 5:21).

(d) UJesu wafa endaweni yethu, wathatha isijeziso esasifanele thina.

(e) UNkulunkulu upha intethelelo nensindiso kubo bonke ababeka ukukholwa kwabo kuJesu bethembela ekufeni kwakhe njengenhlawulo yezono zethu (NgokukaJohane 3:16; KwabaseRoma 5:1; KwabaseRoma 8:1).

Yilona ke umyalezo wensindiso! Uma ubeke ukukholwa kwakho kuJesu Kristu njengoMsindisi wakho, ususindisiwe! Zonke izono zakho sezithethelelwe futhi uNkulunkulu wethembisa ukuthi angeke akushiye noma akulahle (KwabaseRoma 8:38-39; NgokukaMathewu 28:20). Khumbula lokhu, insindiso yakho ifihliwe futhi igciniwe kuJesu kristu (NgokukaJohane 10:28-29). Uma uthembele kuJesu yena yedwa njengoMsindisi wakho, ungabanaso isibindi nesiqiniseko sokuthi uzochitha ingunaphakade lakho noNkulunkulu ezulwini.

2. Zitholele ibandla noma isonto elincomekayo elifundisa iBhayibheli.

Ungacabangi ngesonto ukuthi yindlu. Isonto ngabantu noma ngamalunga alelo bandla. Kubalulekile ukuthi abantu abakholwa eNkosini Ujesu Kristu bahlanganyele omunye nomunye. Yileyo injongo enkulu yebandla. Njengoba usubeke ukukholwa kwakho kuJesu Kristu, siyakukhuthaza kakhulu ukuba othole ibandla noma isonto elikholelwa eBhayibhelini endaweni yangakini ukhulumisane nomfundisi noma umelusi walo. Umazise ngenkolo yakho entja kuJesu Kristu.

Injongo yesibili yesonto noma yebandla ukuba lifundise iBhayibheli. Ungafunda ukwenza imiyalo kaNkulunkulu empilweni yakho. Ukuqonda kahle iBhayibheli iyonanto esemqoka kakhulu ekwenza uhlale impilo eyimpumelelo nempilo enamandla yobuKristu. II KuThimothewu 3:16-17 kuthi, Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliswe yonke imisebenzi emihle.

Injongo yesithathu yebandla ukuphakamisela udumo kuNkulunkulu. Ukudumisa uNkulunkulu ukumbonga ngakho konke akwenzile! UNkulunkulu usisindisile. UNkulunkulu uyasithanda. UNkulunkulu usipha esikudingayo. UNkulunkulu uyasihola futhi uyasiqondisa. Singahlala kanjani singambongi? UNkulunkulu ungcwele, ulungile, unothando, unesihe futhi ugcwele umusa. Isambulo 4:11 kulotjwe ukuthi, Ufanel wean Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.

3. Zinike isikhathi esithile osukwini sokuhlala noNkulunkulu

Kubaluleke kakhulu kithi ukuba sichithe isikhathi osukwini sihlale noNkulunkulu. Abanye basibiza ngokuthi yisikhathi sokuthula. Abanye basibiza ngokuthi yisikhathi sokuzinikela ngokuba yisikhathi lapho sizinikela khona kuNkulunkulu. Abanye abantu banconoza isikhathi sasekuseni, kanti abanye banconoza santambama. Akubalulekile ukuthi usibiza uthini lesi sikhathi, nokuthi sinini. Okusemqoka ukuthi uchitha isikhathi noNkulunkulu. Yini esiyenzayo ngesinesikhathi sinoNkulunkulu:

(a) Umthandazo. Umthandazo uwukukhuluma noNkulunkulu. Khuluma noNkulunkulu ngezinto ezikukhathazayo nangezinkinga zakho. Cela uNkulunkulu ukuba akuphe ukuhlakanipha nokukuqondisa. Cela uNkulunkulu enelise izidingo zakho. Tshela uNkulunkulu inldela omthanda ngayo nokumtusa kwakho ngakho konke akwenzele khona. Ngumthandazo ke lowo!

(b) Ukufunda iBhayibheli. Ngaphezu kokuba ufundiswe iBhayibheli esontweni lakho, kuSonto skole, noma esifundweni seBhayibheli ufanele ukuzifundela wena iBhayibheli. IBhayibheli linakho konke odinga ukukwazi ukuze uphile impilo yokukholwa eyimpumelelo. Iqukethe ukuqondisa konke kukaNkulunkulu ukuze wenze izinqumo ngokuhlakanipha, wazi intando kaNkulunkulu, ukwazi ukusiza abanye ngobatjela ngensindiso, futhi wazi ngokukhula emoyeni. IBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu kithi. IBhayibheli liyincwadi yomyalezo kaNkulunkulu esiyala ngokuphila impilo encomekayo Kuye nesenelisayo thina.

4. Yiba nobudlelwane nabantu abangakusiza kwezikamoya

I KwabaseKorinte 15:33 isicwayisa ngalokhu, Ningakhohliswa; ukujwayelana nababi konakalisa ukuziphatha okuhle. IBhayibheli linezexwayiso eziningi ngengozi yabantu ababi abangasidonsela ebubini. Ukuchitha isikhathi nabantu abenza okubi bangaseza silingeke sigcine senze lezo zinto nathi. Isimilo sabantu esichitha nabo isikhathi singagcina sisithethe nathi. Yingakho nje kubalulekile ukuba sihlale nabantu abayithandayo iNkosi futhi abazinikele kuyo. Yezama ukuzitholela umngani noma ababili, mhlawumbe ebandleni lakho, abangakusiza bakukhuthaze (KumaHeberu 3:13;13:24). Cela abangani bakho ukuba bakukhuthaze ekugcineni isikhathi sakho sosuku ngosuku noNkulunkulu, izinto ozenzayo nokuhamba kwakho noNkulunkulu. Bacele ukuthi nawe ubasize ekwenzeni lezo zinto.Lokhu akusho ukuthi ufanele ulahle labo bangani bakho abangakamazi uJesu njengoMsindisi wabo. Qhubeka ube ngumngani wabo futhi ubathande. Kodwa ubatshele ukuthi uJesu wayishintja impilo yakho ngakoke ungeke usenza zonke izinto obekade uzenza nabo. Cela uNkulunkulu akuphe ithuba ukuze ushiyelane nabangane bakho ngoJesu.

5. Bhapathizwa.

Abantu abaningi banokungaqondisisi ngombhapathizo. Igama elithi Bhapathiza lisho ukuthi cwilisa ngokuphelele emanzini. Umbhapathizo yindlela yeBhayibheli yokukhombisa ngokusobala inkolo yakho entsha kuKristu nokuzinikela ekumlandeleni. Isenzo sokuba ucwiliswe emanzini sikhomba ukungcwatshwa noJesu. Isenzo sokuphuma emanzini ombhapathizo siyisithombe sokuvuka kukaKristu ekufani. Ukubhapathizwa kuyindlela yokuzibalela nokufa kukaJesu, ukungcwatshwa, nokuvuka (KwabaseRoma 6:3-4).

Umbhapathizo akusiwo okusindisayo. Umbhapathizo awuhlanzi izono zakho. Umbhapathizo yisinyathelo nje sokubonisa ukuthobeka, nokuveza ebaleni ukukholwa kwakho kuJesu yena yedwa ngokwensindiso. Umbhapathizo ubalulekile ngoba uyisinyathelo sokuzithoba ubonisa ngokusobala inkolelo yakho kuKristu nokuzinikela kwakho ngokuphelele Kuye. Uma ngabe usulungele ukubhapathizwa, khuluma nomfundisi wakho.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Sengenze isinqumo sokubeka ukukholwa kwami kuJesuManje ngenzeni
© Copyright Got Questions Ministries