settings icon
share icon
Umbuzo

Yini uhlelo lwensindiso?

Impendulo


Ingabe ulambile? Hhayi ukulambela ukudla, kodwa ingabe uzwa indlala yokufuna okuncono empilweni. Ingabe kukhona phakathi kwakho ukungeneliseki? Uma kunjalo ke, uJesu uyiyona ndlela! UJesu uthi Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi kasoze alambe, nokholwa yimi kasoze ome. (NgokukaJohane 6:35).

Ingabe kukhona phakathi kwakho ongakuqondisisi okukusanganisayo? Ingabe kuyenzeka uzithole ingathi indlela noma inkambo empilweni ayibonakali? Ingabe uzwa kungathi ukhona ocishe ukukhanya empilweni yakho? Uma kunjalo ke, uJesu uyindlela eyiyona! UJesu wathi, Mina ngingukukhanya kwezwe. Lowo ungilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila. (NgokukaJohane 8:12).

Kuke kwenzeke uzwe ingathi ukhiyeleke ngaphandle empilweni? Uke wezama iminyango eminingi kodwa wathola ukuthi ngale kwayo akukho lutho olusizayo? Ingabe ufuna umnyango ozokuholela empilweni egcwele nenenkambo? Uma kunjalo ke, uJesu uyiyona ndlela! UJesu uthi, Mina ngiyisango;uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene aphume afumane idlelo. (NgokukaJohane 10:9)

Ingabe abantu obethembile bake bakwenzele phansi bakujabhise? Ingabe ubudlelwane bakho buyize futhi abunambuyiselo? Ingabe abantu owazana nabo belokhu bezama ukukudlelela kulokho onakho noma okwenzayo? Uma kunjalo ke, UJesu uyiyona ndlela! UJesu uthi, NginguMalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvuMina nginguMalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi. (NgokukaJohane 10:11, 14)

Uke uhlupheke nje ngokufuna ukwazi ukuthi kuzokwenzekani ngale kwethuna? Akukudini nje ukuphilela izinto eziphelayo zalapha emhlabeni? Awuke ukhathazeke nje ngalokhu kuphila nenkambo yakho? Uyafuna ukuphila emva kwalempilo yangapha kwethuna? Uma kunjalo ke, uJesu uyindlela eyiyonayona. UJesu uthi, Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila; nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. (NgokukaJohane 11:25-26).

Iyini indlela? Liyini iqiniso? Yini impilo? UJesu waphendula wathi,Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. (NgokukaJohane 14:6).

Lendlala oyizwayo ingeyokomoya, ingaqedwa nguJesu kuphela. UJesu nguye yedwa ongasusa ubumnyama kuwe. UJesu uyisango eliphumisela empilweni egculisayo. UJesu ungumngane nomalusi obekade umdinga empilweni yakho. UJesu uyimpilo kulokhu kuphila nakwelizayo. UJesu uyindlela yensindiso.

Isizathu sokuba uzizwe uphethwe yindlala, isizathu sokungathi ukhungethwe ubumnyama, futhi isizathu sokuthi ungatholi impilo ekwanelisayo wukuthi wahlukene noNkulunkulu. IBhayibheli isitshela ukuthi sonke sonile, ngakhoke sehlukanisiwe noNkulunkulu (UmShumayeli 7:20; KwabaseRoma 3:23). Isikhala osizwa enntliziyweni yakho senziwa ukuthi uNkulunkulu akekho kuwe. Thina sadalelwa ukuba sibe nobudlelwane noNkulunkulu. Ngenxa yesono sethu, asinabo lobo budlelwane. Okubi kakhulu ukuthi isono sethu senza ukuba sahlukane noNkulunkulu ingunaphakade kulokhu kuphila nalokho okuzayo (KwabaseRoma 6:23; NgokukaJohane 3:36).

Ingaxazululeka kanjani lenkinga na? UJesu uyindlela! UJesu wathwala isono sethu (II KwabaseKorinte 5:21). UJesu wafa endaweni yethu (KwabaseRoma 5:8), ethatha isijeziso esifanele thina. Emva kwezinsuku ezintathu, uJesu wavuka kwabafileyo, ebonisa ukunqoba kwakhe phezu kokufa nesono (KwabaseRoma 6:4-5). Wakwenzelani uJesu lokho? UJesu uphendula lombuzo ngokuthi, Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe. (NgokukaJohane 15:13). UJesu wafa ukuze thina siphile. Uma sibeka ukukholwa kwethu kuJesu, sethemba ukufa Kwakhe ukuthi kuyinhlawulo yezono zethu zonke izono zethu zithethelelwe zihlanziwe. Indlala ebesiyizwa izoneliswa singabe sisayizwa. Ukukhanya kuzokhanya. Sizoba nempilo egculisayo. Sizokwazi umngane wethu wangempela nomalusi omuhle. Sizokwazi ukuthi sizophila emva kokufa impilo evusiwe ivuselwe ezulwini ukuba sibe noJesu ingunaphakade!

"Ngokuba uNkulunkulu walithanada izwe kangaka, waze wanikela ngendodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade (NgokukaJohane 3:16).

Ingabe wenze isinqumo sokwamukela uKristu emva kokufunda lokhu okubhalwe lapha? Uma kunjalo, qhafaza inkinobho ethi Ngemukele uKristu namuhla lapha ngaphansi.

English



Buyela ekhasini lekhaya lesiZulu

Yini uhlelo lwensindiso
© Copyright Got Questions Ministries